ISAKHIWO SOMSHADO; NGABE UYINI UMSHADO

Emshadweni indoda kumele ibe YINHLOKO futhi imthande umkayo. Emshadweni umfazi kumele ATHOBELE indoda yakhe. Emva kokuwa komuntu, ewela esonweni u-Elohim uthi kumfazi, encwadini kaGenesis 3:16 "Ngizakukubangela ubuhlungu obukhulu ekukhulelweni kwakho; uyakubeletha abantwana ngobuhlungu. Ukunxanela kwakho kuyakuba sendodeni yakho; yona IYAKUKUBUSA." Ngalokho emehlweni oMdali uYehovah Elohim, kasilingani! Emndenini, ilunga nelunga kufanele lidlale indima yalo. Indoda nendoda inogcobo LOKUBUSA umkayo, umfazi nomfazi unogcobo LOKUTHOBELA umyeni wakhe, kanjalo nezingane ezizalelwa emshadweni zinogcobo LOKUHLONIPHA oyise nonina. Amen!