Icilongo levangeli 199 | ENtabeni Yendlu KaJehova Kuyabonelelwa (Gauteng branch) | 26/05/2024

199 SESIZWILE 1 Sesizwile izindaba Zombuso omkhulu Masidele okomhlaba, Sam'kel' okwezulu Chorus: Thina sonke simenyiwe Ukuz' edilini Nengubo siyinikiwe Ivel' eNkosini 3 Masingabi namazaba Sizilandulele. Sam'kele ngokwethaba, Umem' olungcwele. 4 Ngoba uma sesinqaba Ukuz' emthimbeni, Idlule kithi lendaba, Imem' ezizweni 5 Iyogcwala indlu yakhe, Kuvalwe emnyango Owudele um'sa wakhe, Uphandle kwesango. 6 Lapho bazokhala, bethi: "Nkosi, sivulele!" Kepha yophendula ithi: "Dedani, niye le!" K.J.J.