Ukhozi FM TV: Thuso Mbedu

USiya Mhlongo kanye noLady D bathole ithuba lokuba nengxoxo noThuso Mbedu intokazi yaseMphithi, ehambisana no John Boyega ongomunye wabalingisi be-Woman King movie. UThuso Mbedu ungomunye wabalingisi abaqavile kule-movie. Sikhuluma nge-Woman king okungumdlalo weshashalazi osushise izikhotha kakhulu futhi oqhakambisa abantu besifazane kanye namakhono abanawo ahlukahlukene. UThuso uthi ubonga ithuba lokuba ngomunye wabesifazane abayingxenye yale-Movie. Ukholelwa ukuthi abantu besifazane banezingqondo ezingaguqula okuningi uma nje benganikezwa ithuba lokukwenza lokho. UThuso usicobolela ngezindlela azisebenzisayo ukuqikelela izinto ezishiwo ezinkundleni zokuxhumana ezingezinhle ukuthi engazifaki enhlizweni. #UkhoziFMTV #UkhoziFM #ThusoMbedu