Umdlalo. Ubhuku Lwamanqe: Inkundla yoku-1. Isigcawu sesi-2

IMIBUZO ESOBALA: IZINGA LOKU-1: IZINGA ELIPHANSI Uhlobo loku-1: imibuzo elula: Izimpendulo zitholakala esigcawini/esiqeshaneni njl. Le mibuzo ingaba lula, phakathi nendawo futhi ingaba lukhuni. 1.1 Yisho igama lomlingiswa ongummeleli ngokwalesi sigcawu. Nikeza izizathu EZIMBILI zempendulo yakho. (3) 1.2 Shono ukuthi nhloboni yomlandi obhale lo mdlalo. Nikeza isizathu sempendulo yakho. (2) 1.3 Isakhiwana siyatholakala kulesi sigcawu. Phendula imibuzo elandelayo emayelana nesakhiwana esitholakala kulesi sigcawu: 1.3.1 Siyini isakhiwana? (1) 1.3.2 Ngubani imbangi. (1) 1.3.3 Nikeza isisusa sodweshu. (1) 1.3.4 Lesi sigcawu senzeka kuyiphi indawo? (1) 1.4 Luyini udweshu? Nikeza uhlobo lodweshu olutholakala kulesi sigcawu bese unikeza nesizathu sempendulo yakho. (2) 1.5 Kubangelwa yini ukuthi uNkululeko avakashele abakwaMathonsi? (1) 1.6 Ukuvasha kukaNkuleko kwaMathonsi kuzoba nomthelela onjani? Nikeza isizathu sempendulo yakho. (2) 1.7 Ngabe umbhali usingenise kahle isigcawu sesi-2? (3) Uhlobo lwesi-2. Imibuzo edinga izimpendulo zihlelwe kabusha: imibuzo edinga ukuhlela kabusha. 1.8 Nikeza okungumehluko phakathi kwezenzo zikaMathonsi noMaMhlongo ngendlela abemukela ngayo uNkululeko. (2) 1.9 Fingqa lesi sigcawu ngamaphuzu AMABILI. (2) 1.10 Chaza kafushane ukuthi umlingiswa onguNkululeko uvezwe kanjani ngokwalesi sigcawu? (2)